Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Amadodana ka-Amramu: u-Aroni, uMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Abantwana bakwa-Amramu; u-Aroni noMose noMiriyamu. Futhi amadodana ka-Aroni; oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 6:3
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.


Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.


Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.


KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.


Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.


U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa;


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye.


Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?”


Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.


“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.


U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.


U-Aroni wazithathela u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.


UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele,


UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o-Eleyazare no-Itamari amadodana ka-Aroni aseleyo, wathi:


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ