Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 5:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UNkulunkulu ka-Israyeli wawuvusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabahola, abakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGoshani, kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 5:26
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.”


Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.


Inkosi yase-Asiriya yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni waseGozani nasemizini yamaMede,


Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene abaseThelasari, bazophula na?


Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.


noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati Phileneseri inkosi yase-Asiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.


Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe.


Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.


Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.


Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.


Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini, nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.


Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?


“Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ