Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 5:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelo zwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Kepha baphambuka kuNkulunkulu wokhokho babo, balandela onkulunkulu babantu balelo lizwe, baphinga, uNkulunkulu ababhubhisa phambi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, baphinga onkulunkulu babantu bezwe uNkulunkulu abachitha phambi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 5:25
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.


Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe.


funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,


Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”


Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.


nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA


bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.


Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo.


Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ