Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UJehoshafathi wazala uJoramu; yena wazala u-Ahaziya; yena wazala uJowashi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 indodana yakhe uJoramu, indodana yakhe u-Ahaziya, indodana yakhe uJowashi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 3:11
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


U-Ahaziya indodana ka-Ahabi waqala ukubusa kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka emibili kwa-Israyeli.


Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.


UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa.


Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba yinkosi, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.


Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi.


Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe;


ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe;


UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uJehoramu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.


Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.


UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ