Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 27:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 UDavide akazange alibale inani lalabo ababeneminyaka engama-20 nabancane kunalokho, ngokuba uSimakade wayeshilo ukuthi uyomandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kepha uDavide akabalanga umumo wabaneminyaka engamashumi amabili nangaphansi, ngokuba uJehova wathi uyakwandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 27:23
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezinhloko zabo.


Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ