Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 27:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nababonisi babo abakhonza inkosi kunoma yisiphi isigaba sezigaba, abangena baphume inyanga nenyanga ezinyangeni zonke. Onyakeni, esigabeni ngasinye yayiyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 27:1
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.


Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho.


USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.


Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.


Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.


UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke.


Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.


Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.


Zase zinikela ngenhliziyo izikhulu zawoyise, nezikhulu zezizwe zakwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu kanye nezinduna zomsebenzi wenkosi;


USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


“Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.


Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ