Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 26:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 KumaHebroni uHashabiya nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa-Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 KumaHebhroni, uHashabhiya nabafowabo, bengamaqhawe anamandla ayi-1 700, futhi bengababonisi kwa-Israyeli, phesheya kweJordani entshonalanga. Bengababonisi emsebenzini wonke kaSimakade nasezinkonzweni zenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 KumaHebroni, uHashabiya nabafowabo, amadoda anamandla, inkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe yizinduna kwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 26:30
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.


Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.


kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki;


“Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”


KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ