Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 24:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongumLevi, waloba phambi kwenkosi, nezikhulu, naphambi kukaZadoki, umphristi, no-Ahimeleki, indodana ka-Abhiyathara, nezinhloko zoyise, abaphristi nabaLevi. Enye indlu yoyise yayivela ku-Eleyazare, enye ivela endlini ka-Ithamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UShemaya indodana kaNethaneli, umbhali, omunye wamaLevi, waliloba phambi kwenkosi nezikhulu noSadoki umpristi no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara naphambi kwezinhloko zezindlu zawoyise babapristi namaLevi; zithathelwe u-Eleyazare, nenye eka-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 24:6
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali, noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;


uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka-Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali;


Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.


Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.


Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,


Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.


u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”


ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ