Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 24:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Base behlukaniswa ngenkatho, omunye nomunye; ngoba ababusi bendlu engcwele lababusi bendlu kaNkulunkulu babevela emadodaneni ka-Eleyazare emadodaneni ka-Itamari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 24:5
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.


Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.


Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.


Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.


no-Azariya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu,


Izikhulu zakhe zabanika abantu, nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle. OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.


noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;


Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.


Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.


Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.


Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;


Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,


no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,


Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?


UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ