Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 24:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ozalweni luka-Eleyazare kwatholakala amadoda amaningi ayizinhloko kunasozalweni luka-Ithamari. Ahlukaniswa kanje: ozalweni luka-Eleyazare kwakukhona abali-16 ababeyizinhloko zezindlu zokhokho, nasozalweni luka-Ithamari kwatholakala abayisishiyagalombili ngokwezindlu zokhokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwafunyanwa izinhloko zamadodana ka-Eleyazare eziningi kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukana kanjalo. Emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona izinhloko zezindlu zoyise eziyishumi nesithupha, nesishiyagalombili emadodaneni ka-Itamari ngezindlu zawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 24:4
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.


ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.


Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.


USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.


Emihleni kaJoyakimi izinhloko zawoyise babapristi zaziyilezi: ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ