Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 23:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 UDavide wabehlukanisa ngezigaba zabo njengamadodana kaLevi: uGereshoni, uKhohathi noMerari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavide wabahlukanisa ngezigaba phakathi kwamadodana kaLevi, oGereshoni, noKohati, noMerari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 23:6
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Izigaba zabalindisango zaziyilezi: kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.


nangezigaba zabapristi nezamaLevi, nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova;


Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.


Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.


UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.


UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,


Yayisilungiswa-ke inkonzo; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.


Zilungiseni ngezindlu zawoyihlo ngezigaba zenu njengokubhala kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nanjengokubhala kukaSolomoni indodana yakhe,


Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.


Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.


Lawa angamadodana kaLevi ngamagama awo: oGereshoni, noKohati, noMerari.


Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.


“Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ