Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 23:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Abayizi-4 000 bayoba ngabalindisango, kuthi abayizi-4 000 badumise uSimakade ngezinto engazenzela ukudumisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngaphezu kwalokho, kwakukhona abalindisango abayizinkulungwane ezine; abayizinkulungwane ezine badumisa uJehova ngezinsimbi engizenzile, kusho uDavide, ukudumisa ngazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 23:5
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.


Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: “Sike safika ekamu* lama-Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho, nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo, nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.”


kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango


Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:


nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa;


Kepha abanye, abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi, babe semakamelweni bekhululekile kokunye, ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.


Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.


Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.


Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide, no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.


Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.


Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.


Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.


Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”


Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ