Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 UDavide waqokelela nensimbi eningi yokwenza izipikili zeminyango nezamasango nezokuhlanganisa ithusi eliningi elisisindo salo singenakulinganiswa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UDavide walungisa insimbi ngobuningi bezikhonkwane zeminyango yamasango nezokuhlanganisa; nethusi eliningi elingenasisindo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:3
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.


“Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta* ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.


Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu* nawokufakwa, namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo, nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.


zanikela enkonzweni yendlu kaNkulunkulu amatalenta* ayizinkulungwane eziyisihlanu egolide, namadarike* ayizinkulungwane eziyishumi, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ethusi, namatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu ensimbi.


USolomoni wazenza zonke lezo zinto, zaziningi kangako ukuba isisindo sethusi sasingenakutholwa.


Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.


izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ