Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Manje nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani, nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu, nilethe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezitsha ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:19
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe.


Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”


Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.*


Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.


Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.


eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.”


UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.


Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.*


Ngiwumisile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli.”


Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,


UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


“Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ