Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta* ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 “Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amathalenta ayizinkulungwane eziyikhulu egolide namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva; neyethusi nensimbi ezingenasisindo; ngoba kuchichima; Ngalungisa nokhuni namatshe; futhi ungakwazi ukwengeza kukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:14
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide


USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.


Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.


Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:


UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,


Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu* nawokufakwa, namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo, nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.


Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.


yilolo nalolo qwembe lwesiliva lungamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolo khamba lungamashumi ayisikhombisa, lonke isiliva lezitsha libe yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele,


ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekuphaneni okupheleleyo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ