Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:13
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube yindoda,


ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,


Bheka manje, ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe yindlu engcwele, qina, ukwenze.”


Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade, uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.’


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.


“Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase-Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye;


Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.


Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho.


Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Khona wayesemvumela.


Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’


Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;


Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;


Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ