Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 21:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.


Kwathi u-Ahabi esezwile lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.


Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.


Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.


Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”


Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.


UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.


Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ