Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 USathane wamelana no-Israyeli, wamyenga uDavide ukuba abale u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 USathane wavukela u-Israyeli, wamlinga uDavide ukuba abale u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 21:1
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.


UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.


Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu, ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova.


“Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.


Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.


Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”


Kuthe ephuma lapho, ababhali nabaFarisi baqala ukumzonda kabi nokumbuzisisa ngokuninginingi,


“Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;


Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,


Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?


masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,


Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.


Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ