Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 20:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi ephuma ngaso impi, uJowabi wakhupha amaqhawe ebutho, walichitha ilizwe labantwana bakoAmoni, wafika wavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wahlala eJerusalema. UJowabe walishaya iRaba, walichitha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 20:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.


Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi


Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”


Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela e-Afeki ukuba alwe no-Israyeli.


Wayesefa u-Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka.


Lapho izinceku zikaHadarezeri zibonile ukuthi zinqotshiwe phambi kuka-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza; ama-Aramu awathandanga ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.


“Bheka, mina ngidalile umkhandi ofutha umlilo wamalahle, azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe; mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.


Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ