Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 19:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathuma amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Abantu bakwa-Amoni babona ukuthi bazithele ngesigcwagcwa kuDavide. UHanuni nabakwa-Amoni bathumela amathalenta esiliva ayinkulungwane ukuba baqashe izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, e-Aramu Mahakha, naseZobha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi bamenze isinengiso uDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathumela amatalenta ayinkulungwane esiliva ukubaqasha izinqola nabamahhashi eMesophothamiya nase-Aramu-Maga naseSoba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 19:6
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.


Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.


Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba,


Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda. Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”


U-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami, siye eRamoti Gileyadi, na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi, amadoda angamakhulu amane, yathi kubo: “Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakulinikela esandleni senkosi.”


Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.


Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta* ayikhulu esiliva.


Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali* ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.


Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.


USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.


U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ