Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 19:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UHanuni wayesezibamba izinceku zikaDavide, waziphuca amakhanda nezilevu, wasika izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngakho uHanuni wabamba izinceku zikaDavide, waziphuca, wasika izingubo zazo phakathi kuze kube sezinqeni zazo, wazimukisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 19:4
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Imbala ngokubona kwakho uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuchithe, ziwuhlole, na?”


Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda. Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Bangiphindisela okubi ngokuhle; umphefumulo wami bawusozisele.


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.


kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.


Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; zonke izandla zisikiwe, nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.


“ ‘Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni; ungoni isilevu sakho emaceleni.


Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ