Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Imbala ngokubona kwakho uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuchithe, ziwuhlole, na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Kepha izikhulu zakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ngabe ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza, ngokuba ehlonipha uyihlo na? Akazithumelanga yini izinceku zakhe ukuba zizohlola izwe nokuba ziwuqumbe phansi umbuso wakho na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ingabe ucabanga ukuthi uDavide uyamdumisa uyihlo lokhu ethumele abaduduzi kuwe na? Izinceku zakhe azifikanga yini kini ukuhlola izwe, nokuchitha, nokuhlola na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 19:3
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”


UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.


UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.


Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.


Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: “Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe ommise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini, ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?”


U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu, nokho izikhulu zamaFilisti zishilo ukuthi: ‘Akayikukhuphuka, aye nathi empini.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ