Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UDavide wathatha kuye izinqola eziyinkulungwane, abamahhashi abayizi-7 000 nemigundatshani eyizi-20 000. UDavide wanquma imisipha yamahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela awezinqola eziyikhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.


UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


Yilezi izikhulu eyayinazo: u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;


UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.


Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.


Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”


UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ