Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Abishayi indodana kaSeruya wakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti wabulala izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:12
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.


Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.


Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”


Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”


U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.


OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.


Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade.


Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi


Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.


U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.


Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.


Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, bazihlela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni.


odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.


U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini Sikasawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.


Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.


Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.


UDavide wayesethatha washo ku-Ahimeleki umHeti naku-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: “Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na?” U-Abishayi wathi: “Ngiyakwehla nawe.”


U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ