Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Inkosi uDavide wazingcwelisa nalezi zitsha kuSimakade, nesiliva negolide ayekudle ezizweni zonke zakwa-Edomi, kwaMowabi, nakubantu bakwa-Amoni, nakumaFilisti nakuma-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Inkosi uDavide nayo yangcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyalikhipha kuzo zonke lezi zizwe; kwa-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:11
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ayezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.


UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.


wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.


U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.


“Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta* ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.


KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.


Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.


Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi,


“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.


Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”


Bawushisa umuzi ngomlilo, nakho konke okukuwo; isiliva kuphela, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka endlini yengcebo endlini kaJehova.


UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula.


UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo; baziqhuba phambi kwakhe, bathi: “Yimpango kaDavide le.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ