Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 wathumela uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyocela ukuba babe nesivumelwano sokuthula nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayevame ukulwa noThowu. Wamphathisa izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wathuma indodana yakhe uHadoramu enkosini uDavide ukuba ibuze ukuphila kwayo nokuyihalalisela, ngokuba yalwa noHadarezeri, yamnqoba; (ngokuba uHadadezeri walwa emelene neTowu) enezinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:10
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.


Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.


Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba,


Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.


Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ