Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 17:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Jehova, akakho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 “Simakade, akekho onjengawe, akekho uNkulunkulu ngaphandle kwakho, kukho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Jehova, akakho onjengawe, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 17:20
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?


Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo.


Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.


Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.


Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?


“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.


“Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona.


“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi,


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;


Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?


“Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, okhwela izulu ukuyokusiza, nomkhathi ngokuphakama kwakhe.


“Wena waboniswa lokho ukuba wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu, akakho omunye ngaphandle kwakhe.


“Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ