Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 17:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Inkosi uDavide yahamba yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani Simakade Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungithwale kuze kube lapha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Inkosi uDavide yafika, yahlala phambi kukaJehova, yathi: “Ngingubani mina, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe lapha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 17:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na?


UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.


Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.


Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.


Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.


Jehova, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?


Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka,


owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ