Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 17:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile ukuba uye koyihlo, ngiyakuzala inzalo yakho emva kwakho eyakuvela emadodaneni akho; ngizawuqinisa umbuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 17:11
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala.


funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”


UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.


kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


“UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.


Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade.


nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


kepha wena awuyikwakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli,


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ