Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 17:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 kusukela emihleni engamisa ngayo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyakuzinqoba zonke izitha zakho. Ngiyakutshela futhi ukuthi uSimakade uyakukwakhela indlu yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kusukela kulesosikhathi engalaya ngaso ukuthi kube labahluleli phezu kwabantu bami uIsrayeli. Futhi ngizozithobisa zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uzakukwakhela indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 17:10
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.


Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.


Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,


UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo.


Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ