Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 16:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

41 UHemani noJeduthumi nabo bonke abaseleyo ababekhethiwe babizwa ngamagama ukuba bambonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 kanye nabo oHemani noJeduthuni nabanye abakhethiweyo ababizwa ngamagama ukuba badumise uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 16:41
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.


AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya,


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,


Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli


Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.


Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


nakuwo amaNethini* uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili, abizwa onke ngamagama.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”


Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi, eliseceleni kwesango lasenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga, libheke ngasenyakatho.


OMose no-Aroni base bethatha lawo madoda aseshiwo ngamagama.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ