Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 16:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Eseqedile uDavide ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi uDavida eseqedile ukunikela iminikelo yokutshiswa leminikelo yokubonga, wabusisa abantu ebizweni leNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 16:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.


Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”


UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.


UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.


Sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka.


Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.


Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.


UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ