Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 15:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavide wakhuluma ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo ukuba babe abahlabeleli, benezinsimbi zomculo, amahabhu, nezinsimbi, namasimbali, baphakamise izwi ngokujabula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 15:16
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.


“Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona.


kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.


ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu,* kanye no-Asafa ephethe amasimbali,* ewabetha,


izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.


Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.


AmaLevi abantwana bamaKohati nawabantwana bamaKorahi asukuma ukumdumisa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


kusemi ngasempumalanga kwe-altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabhu,* kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namashumi amabili bekhalisa amacilongo


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.


Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*


nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


Ngokuba nasemihleni kaDavide neka-Asafa kwasendulo kwakukhona abaholi babahlabeleli kanye nezihlabelelo zokudumisa nezokubonga uNkulunkulu.


Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*


Mdumiseni ngamasimbali* ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.


Halalisani uNkulunkulu amandla ethu, nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”


Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyakwazi ukuthi nginguJehova, abethemba kimi abayikujabha.”


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.


Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.


lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.


Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ