Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 14:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Base bekhuphuka eBhali Pherazimu, uDavide wawabhubhisa. UDavide wathi: “UNkulunkulu uthelekele izitha zami ngesandla sami njengamanzi ebhodloza avinjwe ngakho.” Yingakho-ke leyo ndawo bayiqamba bathi iBhali Pherazimu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Base benyukela eBali Pherazimi; uDavide wawabulala khona. UDavide wayesethi: “UNkulunkulu wadabula isandla sami ezitheni zami njengokufohla kwamanzi; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iBali Pherazimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 14:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*


uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”


Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.


Angena kungathi ngesikhala esibanzi; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.


Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa,


Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.


Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile, afeze isenzo sakhe, isenzo sakhe esimangalisayo.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ