Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 14:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nabakhi nababazi, ukumakhela indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 14:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.


USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili,


Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukwakha indlu.


“Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari* eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.”


UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.


Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe, uDavide wathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.”


UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa-Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.


USolomoni wabala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nabantu abayizinkulungwane eziyishiyagalombili ukuba babe ngababazi bamatshe ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukubabonisa.


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ