Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UDavide naye wonke u-Israyeli badlala phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo onke, nangokuhuba, nangezihabhu, namahabhu, nezigubhu, namasimbali, nangamacilongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:8
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu.” Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*


kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.


ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu,* kanye no-Asafa ephethe amasimbali,* ewabetha,


izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.


Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova.


kusemi ngasempumalanga kwe-altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabhu,* kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namashumi amabili bekhalisa amacilongo


UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.


ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.


Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho, angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.


Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.


“Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu* phambi kwabo, beprofetha;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ