Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UDavide wathukuthela ngokuba uSimakade ehlasele u-Uza. Wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiPherezi Uza, kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UDavide wadabuka ngokuba uJehova efohla e-Uza; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iPheresi-uza kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abawudli umsipha wenqulu osesikhoxeni senyonga kuze kube namuhla, ngokuba wathinta isikhoxo senyonga kaJakobe emsipheni wenqulu.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”


Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.


UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?”


Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”


Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”


Wayesethi uJehova: “Wenza kahle ngokuthukuthela na?”


Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”


Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori, kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.


UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ