Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 12:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 KwabakwaGadi, abanye bazehlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, amabutho azilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bufana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 KwabakwaGadi bamhlukanisela uDavide endaweni yezintaba ngasehlane amadoda anamandla namadoda empi ahlomele ukulwa, aphatha isihlangu nesihlangu, ubuso bawo babunjengobuso bezingonyama, nanejubane njengenkemane ezintabeni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 12:8
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.


Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,


UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.


NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.


Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.


noJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori.


ngu-Ezeri inhloko, no-Obadiya owesibili, no-Eliyabe owesithathu,


Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Zophule njengensephe kumzingeli nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.


Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.


Yenyukani, mahhashi, nihlanye, zinqola, aphume amaqhawe: oKushe noPhuthi ababambe izihlangu, namaLudi abambe ensala umnsalo.


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.


UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ