Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 12:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Babehlome ngeminsalo, bengamakhabe, bekwazi ukuciba nokuphonsa amatshe ngesokhohlo nangesokunene. Babengabafowabo bakaSawule, bevela kwaBhenjamini, okwakuyilaba:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Babehlome ngeminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ukujikijela amatshe nemicibisholo ngomnsalo, bephuma kubafowabo bakaSawule bakwaBenjamini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 12:2
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.


inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti,


Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.


Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lokulwa.


Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ