Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 12:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Umoya wehlela phezu kuka-Amasayi owayeyinduna yezinduna, wathi: “Singakuwe, Davide, singakuwe, ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula kube kuwe, nokuthula kubasizi bakho; ngoba uNkulunkulu wakho uyakusiza. UDavide wabamukela, wabenza abaholi beviyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 12:18
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”


U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”


Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.


Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: “Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na?” Wathi uJehonadaba: “Yebo.” Wathi uJehu: “Uma kunjalo, nginike isandla sakho.” Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.


Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: “Siyizinceku zakho, siyakwenza konke oyakusitshela khona; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.”


Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.


Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.


UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”


U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.


Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha, wazembesa ukushisekela njengengubo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.


Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.


UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni, wabetha icilongo, kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.


Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ukufika kwakho kunokuthula na?”


Wathi: “Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni.” Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.


USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,


UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela okubi;’ ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ