Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavida wasesithi: Onqoba amaJebusi kuqala uzakuba yinhloko lombusi. Ngakho uJowabe indodana kaSeruya wenyuka kuqala, waba yinhloko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:6
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.


Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;


Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.


Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.


UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.


UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana;


emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no-Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.


Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?


Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ