Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awusoze wangena lapha.” UDavide nokho wayinqoba inqaba iZiyoni, wayidla yaba ngumuzi wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikuza lapha. Nokho, uDavide wathatha inqaba yaseSiyoni, engumuzi kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:5
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.


Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.


UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.


UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


Ngokuba kumisiwe khona izihlalo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.


Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:


“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”


Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.


UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni kunazo zonke izindlu zikaJakobe.


Kuyakuthiwa ngeSiyoni: “Yilo nalo wazalelwa khona; oPhezukonke uyaliqinisa.”


Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ