Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli, wabulala amaqhawe amabili, u-Ariyeli wakwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini, ngosuku kukhithike iqhwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UBenaya indodana kaJoyada indodana yendoda enesibindi waseKabiseyeli, owenza izenzo eziningi; wabulala izingonyama ezimbili zakwaMowabi; wehla, wabulala ingonyama emphandwini ngosuku lweqhwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:22
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;


uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.


Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Phuma.’ ” Wathi: “Qha, ngiyakufela lapha.” UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: “Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.”


Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.


noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.


KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:


Imizi esekupheleni kwesizwe sabantwana bakwaJuda ngasemkhawulweni wakwa-Edomi ngaseningizimu yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ