Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, wayeyinhloko yalaba abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:20
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”


Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”


Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”


OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.


“UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.


Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.


odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.


UDavide wayesethatha washo ku-Ahimeleki umHeti naku-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: “Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na?” U-Abishayi wathi: “Ngiyakwehla nawe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ