Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Wathi: “Makube kude nami, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza yini igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezi-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 wathi: “Makube kude noNkulunkulu wami ukuba ngenze lokho; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababeka ukuphila kwabo engozini na? ngoba baletha ukuphila kwabo engozini. Yingakho engafuni ukuwaphuza. Lezi zinto zenza lezi zinto ezintathu ngamandla amakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:19
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.


Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.


Wayesethi uNaboti ku-Ahabi: “Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.”


Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:


U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.


uma abantu betende lami bengashongo ukuthi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ –


Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.


abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.


Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?


UZebuloni wayengabantu abazidela kwaze kwaba sekufeni, uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.


ngokuba ubaba wanilwela wazidela, wanophula esandleni sabakwaMidiyani;


wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ