Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Laba babe yizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, aziqinisa naye embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonke ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:10
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.


Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.


Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.


Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa.


Onke lawo madoda empi, angahlela impi, afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa-Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.


Babe lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.


Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.


UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ