Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 10:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kwathi lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini bebona ukuthi abanye bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika ahlala kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini bebona ukuthi babalekile nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; afika amaFilisti, ahlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 10:7
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye.


Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa.


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


“Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.


Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ