Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 9:9 - IsiZulu 2020

9 Bonke abantu bayazi ngalo, u-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya, kodwa okwathi ngokuqhosha nangokuzidla kwabo, bathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bonke abantu bayokwazi, okungukuthi u-Efrayimi nabakhileyo eSamariya, abathi ngenhliziyo ezidlayo nenamandla:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 9:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi uMikhaya: “Bheka, uyakukubona lokho ngosuku oyongena uphuma ngalo emakamelweni ngamakamelo, ucasha.”


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!


Uyakufihliza ngezinyawo umqhele wokuzikhukhumeza, wezidakwa zakwa-Efrayimi.


Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga.


Ngokuba bengazi ukuthi ninenkani, nentamo yenu ingumsipha wensimbi, nebunzi lenu liyithusi;


Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.


INkosi ithumele izwi kwaJakobe, lehlela nakwa-Israyeli.


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


Ngiyakulijezisa iGibhithe, futhi bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


“Kuyakuthi lapho sekwenzeka lokhu; ngempela kuyeza, bayokwazi lapho ukuthi kwakukhona umphrofethi phakathi kwabo.”


Inkosi iyakulila, isikhulu sembathe incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuqhaqhazela. Ngiyakubaphatha njengokuziphatha kwabo, ngibehlulele ngokwemithetho yabo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Iso lami aliyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo; ngiyakuphindisela kuwe ngokwezindlela zakho, izinengiso zakho ziyokuba phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngiyashaya.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


“Amazwi enu angigxekile,” kusho uSimakade. “Kodwa niyabuza nithi: ‘Sikhulume sathini ngawe na?’


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ