Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 8:4 - IsiZulu 2020

4 ngokuba uyothi umntwana engakakwazi ukuthi: ‘Baba,’ noma ‘Mama,’ ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya ibe isithuthelwe enkosini yase-Asiriya.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame, kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngoba engakakwazi umntwana ukuthi: Baba lomama, ingcebo yeDamaseko lempango yeSamariya kuzakwemukwa phambi kwenkosi yeAsiriya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 8:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


Inkosi yase-Asiriya yamlalela; yakhuphuka yayohlasela iDamaseku, yalidla, yathumba abantu bakhona, yabasa eKhiri, yambulala uRezini.


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Isiphrofetho ngeDamaseku. “Yazini ukuthi iDamaseku liyoshatshalaliswa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo.


Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,” kusho uSimakade Wamabandla.


Imbali ebunayo yobuhle bawo obukhazimulayo, osenhloko yesigodi esivundile, iyofana nekhiwane elivuthwe kuqala lingakangeni ihlobo, noma ngubani olibonayo ulikha alisobozele lisesesandleni.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.


Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku, ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni, nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni. Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.


Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”


Ngokuba engakazalwa amawele, engakakwenzi okuhle noma okubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lifezeke,


Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ