Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:8 - IsiZulu 2020

8 ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku, nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba inhloko yama-Aramu yiDamaseku, nenhloko yeDamaseku nguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabi yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:8
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ebusuku u-Abhrama wawehlukanisa phakathi amadoda ayehamba nawo, ayithelekela nxazonke eyezitha; ayidudula aze ayithela eHobha enyakatho neDamaseku.


UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


zaya kuZerubhabhele nasezinhlokweni zemindeni, zathi kubo: “Masinisize nathi ekwakheni, ngokuba sikhonza uNkulunkulu njengani; besilokhu sethula imihlatshelo kuye kusukela ngezinsuku zika-Esari Hadoni, inkosi yase-Asiriya, okunguyena owasiletha lapha.”


ngokuba uyothi umntwana engakakwazi ukuthi: ‘Baba,’ noma ‘Mama,’ ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya ibe isithuthelwe enkosini yase-Asiriya.”


USimakade ubavusele izitha zivela kuRezini, ukuze zimelane nabo. Wazigqugquzela izitha zabo,


Bonke abantu bayazi ngalo, u-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya, kodwa okwathi ngokuqhosha nangokuzidla kwabo, bathi:


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


“ ‘AbaseDamaseku babengabathengi bakho, ngenxa yobuningi bomkhiqizo wakho, nangawo wonke umcebo wakho, bona babekuhwebela ngewayini laseHelibhoni noboya obumhlophe.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ